Skip to Content

"abafileyo"

32 occurrences in ZUL

umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisop i, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende , nezitsha zonke , nabantu ababelapho , nowathinta ithambo , noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna,

USamsoni wathi: Mangife namaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo . Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.

Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?

Ngase ngibusisa abafileyo asebafa kunabaphilayo abasekhona,

Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa , kepha abafileyo abazi lutho , futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.

Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na ? Ziyakuvuka yini izithunzi , zikubonge, na? Sela

Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.

Abafileyo abamdumnisi uJehova, qha, noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.

Abafileyo ababuyi baphile , izithunzi azibuyi zivuke ; ngalokho wabahambela, wabachitha, wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.

Kepha abafiley o bakho bayakubuye baphile , izidumbu zabo zivuke . Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini , ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.

Kepha uJesu wathi kuye : Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo. Ukuthuliswa kwesivunguvungu (Mark. 4:35; Luk. 8:22)

Phulukisani abagulayo , nivuse abafileyo , nihlambulule abanochoko , nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.

Izimpumputhe ziyabona , izinyonga ziyahamba , abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa , abafileyo bayavuswa , abampofu bayashunyayezwa ivangeli;

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle , kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

Yaphendula, yathi kuwo: Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi : Izimpumputhe ziyabona , izinyonga ziyahamba , abanochoko bayahlanjululwa , izithulu ziy ezwa, abafileyo bayavuswa , abampofu bayashunyayezwa ivangeli;

Kepha wathi kuye : Yeka abafileyo bembele abafileyo babo , kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.

Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Isikhathi siyeza , sesikhona namanje , lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu ; abezwayo bayakuphila.

Kungani kube yinto engakholekile kini ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na?

njengokulotshiweyo ukuthi : Ngikumisile ube nguyise wez izwe eziningi phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, yena ophilisa abafileyo nobiza okungekho ngokungathi kukhona,

Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu , ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa u Kristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa.

Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga naye uKristu.

Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na ? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na?

Uma ngalwa nezilo e -Efesu ngokwabantu , nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.

Kepha omunye uyakuthi: Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?

ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso , ngecilongo lokugcina ; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.

Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa , ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo,

Abesifazane bamukeliswa abafileyo babo bevusiwe ; abanye bahlushwa , kabavuma ukukhululwa, ukuze bathole ukuvuka okuhle;

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi . Yebo, usho uMoya , ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela. Izingelosi ezimbili zokuvuna

Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane . Lokhu kungukuvuka kokuqala.

Ngabona abafileyo , abakhulu nabancane , bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa ; nenye incwadi yavulwa , ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.

Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo , nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho , bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.