Skip to Content

"abakhulelweyo"

5 occurrences in ZUL

UHazayeli wathi: Inkosi yami ikhalelani na? Yathi: Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa -Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.

Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa , nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo , kusukela eTirisa ; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.

ISamariya liyakuthwala icala lalo , ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo ; bayakuwa ng enkemba, izingane zabo zichotshozwe , abakhulelweyo babo baqaqwe.

Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho , ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga , abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye , babuyele lapha beyibandla elikhulu.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi ukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.