Ngobukhulu bobukhosi bakh o uyachitha abakuvukelayo ; uyathuma intukuthelo yakho, ibaqede njengamabibi.
Bheka, wayesefika umKushe; umKushe wathi: Ngumbiko, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.
Inkosi yathi kumKushe : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na? UmKushe wathi: Izitha zenkosi yami , inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa.