USara wathi: UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihl ekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.
ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiletha okubi phezu kweJerusalema naphezu kukaJuda ngangokuthi bonke abakuzwayo, izindlebe zabo zombili ziyakunkeneza ngakho.
uthi: Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo , nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.