Skip to Content

"abalindisango"

10 occurrences in ZUL

Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: Sike safika ekamu lama -Aramu; bheka, kwakungekho muntu lapho , nazwi lomuntu, kuphela ngamahhashi aboshiweyo , nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo.

Abalindisango bamemeza, babikela indlu yenkosi ngaphakathi.

bekanye nabo abafowabo besigaba sesibili: oZakariya, noBeni, noJahaziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi , noJehiyeli, abalindisango,

Wamisa abalindisango emasangweni endlu kaJehova ukuba kungangeni ongcolile noma ngantoni.

Bafika kuHilikiya umpristi omkhulu , bayinikeza imali eyayilethwe endlini kaNkulunkulu iqoqwe ngamaLevi, abalindisango, esandleni sakwaManase no- Efrayimi, nakuyo yonke insali yakwa -Israyeli, nakuye wonke uJuda noBenjamini, nakwabakhileyo eJerusalema;

Abahlabeleli, amadodana ka -Asafa, babe sendaweni yabo njengokwesiyalezo sikaDavide , no-Asafa, noHemani, noJeduthuni umboni wenkosi; abalindisango babengasesangweni; kwakungadingeki ukuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo amaLevi babalungisela.

Kwathi lapho ugange selwakhiwe , sengimisile izivalo , futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi,

Abalindisango: abantwana bakwaShalumi , nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni , nabantwana bakwa -Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi : yikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili.

Abalindisango o -Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.

Kwafumaniseka kulotshiwe ukuthi uMoridekayi wayelandile ngoBigithani noThereshi izinduna ezimbili zenkosi , abalindisango, ukuthi babefunile ukubeka isandla enkosini u-Ahashiveroshi.