Skip to Content

"abamesabayo"

14 occurrences in ZUL

obuka onengekayo ngokuzakumenyanya , kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu; ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe;

Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo ; uyakubazisa isivumelwano sakhe.

Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe , ngokuba abasweli lutho abamesabayo.

Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma ; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo; mabangabuyeli ebuwuleni.

Njengoyise ehawukela abantwana bakhe , kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.

Uyakubusisa abamesabayo uJehova, abancane nabakhulu.

Mabathi abamesabayo uJehova: Yebo, umusa wakhe umi phakade.

Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.

Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye ; uJehova waqaphela , wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.

Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.

Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka -Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.

iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu , kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,