Abangamesabi uNkulunkulu bayashanguza nxazonke , lapho amanyala ephakeme kubantwana babantu.
Ngokuba sisebuthakathaka , uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo;
ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo , umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe , abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo , nababulali bawonina , nababulala abantu,
kepha izulu nomhlaba okuk hona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.
Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa y ilokhu kulahlwa , abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala , bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.
ukuze yahlulele bonke , ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo , nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.