Wayesethi kubantu baseSukoti : Ake niphe abantu abangilandelayo izinkwa, ngokuba bayethile, ngisaxosha oZeba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.
Mina nabafowethu , nezinceku zami , nabalindi abangilandelayo , kwakungekho kithi owakhumula izingubo zakhe ; yilowo nalowo wayenesikhali esandleni sakhe.