ngisindise kubo bonke abangizingelayo , ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyam a eklebhula, kungekho okhululayo.
Zingaki izinsuku zenceku yakho? Uzakubahlulela nini abangizingelayo na?
Abangizingelayo nabayizitha kimi baningi ; kepha ebufakazini bakho angichezuki.
Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.
Mababe namahloni abangizingelayo , kepha mina mangingabi nawo ; baphele amandla bona , mina ngingaphe li wona kodwa ; behlisele usuku lobubi, ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo. Isabatha
Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu , ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.