"abaphostoli"
21 occurrences in ZUL
Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa : owokuqala nguSimoni othiwa uPetru , no-Andreya umfowabo , noJakobe kaZebedewu , noJohane umfowabo,
Kwathi sekusile , wababiza abafundi bakhe , wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli:
Abaphostoli sebebuyile ba mlandisa konke abakwenzileyo ; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida.
KwakungoMariya Magdalena , noJowana, noMariya unina kaJakobe ; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.
Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni , bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?
Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.
Base bebabiza abaphostoli , babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.
Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe . Ngalolo su ku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema ; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.
Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;
Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu , baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza
baloba ngesandla sabo ngokuthi : Abaphostoli namalunga , abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase -Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.
Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na?
UNkulunkulu umisile abathile ebandleni , kuqala abaphostoli , okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa , nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.