Skip to Content

"abaqamekeli"

9 occurrences in ZUL

AbaseShekemi bambekela abaqamekeli eziqongweni zezintaba, baphanga bonke ababedlula kubo ngaleyo ndlela; kwabikwa ku-Abimeleki.

UDelila wayesethatha amagoda amasha , wambopha ngawo , wathi kuye : AmaFilisti aphezu kwakho , Samsoni. Abaqamekeli babehlezi ekamelweni eliphakathi. Wawagqabula ezingalweni zakhe njengomucwana.

U-Israyeli wabeka abaqamekeli kulo iGibeya nxazonke.

Bonke abantu bakwa -Israyeli basuka endaweni yabo , bazihlela eBali Tamari; abaqamekeli bakwa -Israyeli bavumbuluka endaweni yabo eMare Geba.

Base bebona abantwana bakwaBenjamini u kuthi banqotshiwe ; abantu bakwa-Israyeli bamdela uBenjamini lokhu bebebethemba abaqamekeli ababebabekile ngaseGibeya.

Abaqamekeli bashesha badumela eGibeya ; abaqamekeli basuka bachitha umuzi wonke ngosiko lwenkemba.

Kepha uJerobowamu wayegwegwesisile abaqamekeli ukuba bafike emuva ; babe phambi kukaJuda, abaqamekeli babe semva kwabo.

Lapho sebeqala ukuhalalisa nokudumisa , uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa -Amoni, nabakwaMowabi, nabaseSeyiri, ababefikele uJuda, banqotshwa.

Misani ibhanela ngasezingangeni zaseBabele , niqinise umlindo , nimise abalindi, nihlele abaqamekeli, ngokuba uJehova u kuhlosile, futhi wakwenza lokho owakukhuluma kwabakhileyo eBabele.