Skip to Content

"abaqotho"

18 occurrences in ZUL

Sonke singamadodana andodanye ; singabantu abaqotho ; izinceku zakho aziyizo izinhloli.

Odukisela abaqotho endleleni emb i uyakuwela emgodini wakhe, kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.

Abantu begazi bayazonda opheleleyo , kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.

Abaqotho bayethuswa yilokho; ongenacala uyavukela ongenaNkulunkulu.

Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo.

Ngokuba bhekani , ababi bawunsala umnsalo wabo , babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.

Yethabani kuJehova nina balungileyo; ukudumisa kubafanele abaqotho.

Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo , nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.

Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa , abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa , isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

Olungileyo uyakujabula kuJehova , aphephele kuye ; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.

Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova.

Impela abalungileyo bayakubonga igama lakho ; abaqotho bayakuhlala ebusweni bakho.

Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala,

Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo.

ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova. kepha abaqotho bayisifuba sakhe.

Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi ; amazwi abaqotho ayawathanda.

Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile.

Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa , babaxosha emikhawulweni yabo.