Siza, Jehova, ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho , ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu.
Abathembekileyo babhubhile emhlabeni , akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi ; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.
lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.