Skip to Content

"abathobekileyo"

12 occurrences in ZUL

Uyasindisa abantu abathobekileyo , kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.

Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo , kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.

Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.

Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova ; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.

Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba , bathokoze ngokuthula okukhulu.

mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele , asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela

UJehova uyaphakamisa abathobekileyo ; ababi uyabawisa phansi emhlabathini.

Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.

Izideleli uyazidelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.

Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova , nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.

Kodwa unika umusa ngokwenezela ; ngakho uthi : UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.

Ngokunjalo, nina basha , thobelani amalunga ; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.