Kepha bheka , kuyakushiywa kulo ababalekileyo abayakukhishwa , amadodana namadodakazi; bheka, ayakuphumela kini, nibone indlela yawo nemisebenzi yawo , niduduzwe ngokubi engehlisele khona phezu kweJerusalema, yebo, ngakho konke engehlisele khona phezu kwalo.