Bheka, abantu bavuk a njengengonyamakazi, nanjengengonyama bayaziphakamisa; abayikulala phansi, bengakayidli impango, baphuze igazi lababuleweyo.
Alisoze labuye lakhiwa , akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane; umArabiya akayikumisa khona , nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.
Laba babangasokile abawileyo abayikulala namaq hawe ehlela endaweni yabafileyo enezikhali zawo zokulwa , abekwa izinkemba zawo phansi kwamakhanda, nezihlangu zawo ziphezu kwamathambo awo , ngokuba besabisa amaqhawe ezweni labaphilayo.