Badelela izimiso zakhe , nesivumelwano sakhe asenzayo nawoy ise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza , uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.
Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele , ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.