Skip to Content

"abazalwane"

34 occurrences in ZUL

Uma abazalwane behlala ndawonye omunye wabo afe engenandodana , umfazi wofileyo akayikugana umfokazi ongaphandle ; kepha umfowabo wendoda yakhe uyakungena kuye, amthathe abe ngumkakhe, amngene.

Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

Bonke abazalwane bompofu bayamzonda ; kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye; uyabaxosha ngamazwi, kepha awasekho.

Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.

Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya.

Kwehla abathile eJudiya , bafundisa abazalwane ukuthi : Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.

Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya , balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu.

baloba ngesandla sabo ngokuthi : Abaphostoli namalunga , abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase -Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.

OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.

Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba : Ake sibuye , sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.

Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya ; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka.

Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni labaJuda.

Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.

Esethanda ukudlulela e -Akhaya, abazalwane bal obela abafundi bebayala ukuba bamamukele; esefikile wabasiza kakhulu abakholwayo ngomusa,

Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire , safika ePetolemayi , sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye.

Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula.

njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke ; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane , ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Safumana khona abazalwane , sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma.

Nikani bonke okubafaneleyo : intela kofanele intela , inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo. Ukuthanda abazalwane

Abazalwane bonke bayakhonza kini . Bingelelanani ngokwanga okungcwele.

Kepha ngithumile abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungenziwa ize maqondana nalokhu, ukuze kuthi njengokusho kwami nibe senilungisele,

Ngalokho-ke bengithi kudingeka ukuba ngincenge abazalwane ukuba bandulele ukuza kini , balungisele ngaphambili isipho senu esathenjiswa ngaphambili, sona sihlale silungisi we, sibe njengesesibusiso , singabi njengesokuncishana.

nalapho ngikhona kini ngiswele , angibanga mthwalo kumuntu , ngokuba abazalwane abavela eMakedoniya bakuqeda ukuswela kwami ; ezintweni zonke ngazilinda ukuba nginganisindi, futhi ngisezakuzilinda.

Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKristu Jesu . Abazalwane abanami bakhonza kinina.

Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.

Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o -Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.

Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso , nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,

Baziseni bonke , nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu , niyazise inkosi.

melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni. Isigcino

nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane , nasekuthandeni abazalwane uthando.

Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni , sangena ekuphileni , ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni.

Ngokuba ngathokoza lapha kufika abazalwane befakazela iqiniso lakho , njengokuba uhamba eqinisweni. Ukungenisa abazalwane

Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo

Ngalokho uma ngiza , ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo , esihleba ngamazwi amabi ; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.