"abesifazane"
76 occurrences in ZUL
Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.
Waphakamisa amehlo akhe , wabona abesifazane nabantwana , wathi: Bangobani laba onabo na ? Wathi: Bangabantwana uNkulunkulu ayiphe bona inceku yakho ngomusa.
UMiriyamu umprofethikazi , udadewabo ka -Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe ; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.
Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo , baletha okuphothiweyo , okuluhlaza nokububende nokubomvu , nelineni elicolekileyo.
Nxa ngaphula uzime lwesinkwa , abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye , babuyise isinkwa senu ngesisindo ; niyakudla ningasuthi.
Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda inye, bathi: Siyakudla isinkwa sethu , sembathe izingubo zethu . Masibizwe kuphela ngegama lakho, ususe ihlazo lethu. Inkazimulo yaseSiyoni
Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo , nazo zonke izimvu zabo , nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.
Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana , nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo.
nabantu, abesifazane abangazangandoda ngokulala nayo , abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili, bebonke.
kepha abesifazane , nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo , uyakukuthatha kube yimpango yakho , uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.
Yilokhu eniyakukwenza : Niyakuchitha nokuchitha bonke abesilisa nabo bonke abesifazane abake balala nendoda.
UBenjamini wabuya ngaleso sikhathi ; babanika abesifazane ababebasindisile kwabesifazane baseJabeshi Gileyadi; kepha ababanelanga.
Amalunga enhlangano ayesethi : Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu abesifazane bechithiwe kwaBenjamini, na?
Abesifazane bathi kuNawomi: Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli.
Abesifazane abakhelene naye bametha igama , bathi: Kuzelwe indodana kuNawomi. Baqamba igama lakhe ngokuthi u -Obede; yena unguyise kaJese , uyise kaDavide. URuthe ukhokho kaDavide
Ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi kuye bathi kuye : Ungesabi, ngokuba ubelethe indodana . Kepha akaphendulanga , akakunakanga.
USamuweli wathi : Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye . USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.
Kwathi ekufikeni kwabo , uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti , abesifazane baphuma emizini yonke yakwa -Israyeli, behlabelela besina , ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu , nangokuthokoza, nangezinkenenezo.
Abesifazane bavumelana ngokudlala , bathi: USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.
UDavide wamphendula umpristi , wathi: Impela abesifazane bavinjelwe kithina ngalezi zinsuku ; izinto zezinsizwa zazingcwele ekuphumeni kwami ; noma kuyindlela evamileyo nje, izinto zazo zisengcwele nanamuhla.
athumba abesifazane ababe phakathi , abancane nabakhulu engabulalang a muntu, abamukisa, ahamba indlela yawo.
Yayisiphuma inkosi , bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayishumi abayizancinza ukuba balinde indlu.
UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema ; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu , yababeka endlini yokulindela , yabapha uk udla, kepha ayingenanga kubo . Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.
Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe kanye nendodakazi kaFaro , abangamaMowabikazi, nama-Amonikazi, nama- Edomikazi, namaSidonikazi, namaHetikazi,
UHazayeli wathi: Inkosi yami ikhalelani na? Yathi: Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa -Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.
Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa , nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo , kusukela eTirisa ; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.
Yadiliza izindlu zezifebe zethempeli ezazisendlini kaJehova , lapho abesifazane bemelukela khona u-Ashera amatende.
Abantwana bakwa -Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili , abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.
UShekaniya, indodana ka Jehiyeli, enye yamadodana ka -Elamu, wathatha wathi ku -Ezra: Siphambukile kuNkulunkulu wethu , sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.
Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho.
U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo : Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli.
Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke ; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo , benamalunga emizi ngemizi nabahluleli ba yo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.
Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.
Bonke labo babethathe abesifazane babezizwe ; kwakukhona phakathi kwabo abesifazane ababezele abantwana.
Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base - Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.
Akonanga ngalokho uSol omoni inkosi yakwa -Israyeli na ? Phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi enjengaye ; wayethandekile kuNkulunkulu wakhe ; uNkulunkulu wambeka inkosi phezu kuka -Israyeli wonke; nokho abesifazane babezizwe bamonisa naye.
Sekuzwakele nangani ukuthi nenzile konke lokho okubi kakhulu ukuba niphambuke kuNkulunkulu wethu ngokuzithathela abesifazane babezizwe.
Ngokuba le ndaba yenkosikazi iyakuphumela kubo bonke abesifazane ukuba ama doda abo adeleleke emehlweni abo , lapho kuthiwa inkosi u- Ahashiveroshi yamyala uVashiti , inkosikazi, ukuba alethwe phambi kwayo , kepha akafikanga.
Lapho kufika isikhathi sezintombi ngezintombi sokuba zingene enkosini u - Ahashiveroshi emva kokuba kwenziwe kuzo njengomthetho wabesifazane izinyanga eziyishumi nambili ngokuba zagcwalis wa kanjalo izinsuku zokuqholwa kwazo , izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure nezinyanga eziyisithupha ngamakha nangezinto zokuqhola abesifazane
Inkosi yamthanda u -Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi , wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.
Ezweni lonke akufunyanwang a abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.
Ngase ngiphakamisa ameh lo ami , ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo ; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba.
Abantwana batheza izinkuni , oyise baphemba umlilo , abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane , bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Qaphelani, nibize abesifazane besililo ukuba bafike, nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyo ukuba bafike,
Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele ; bheka, bayakuthi: Abahlobo bakho abakhulu bakududile , bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakh e zishone exhaphozini, babuyele emuva.
Ayesephendula uJeremiya onke amadoda ayekwazi ukuthi omkawo bashisela abanye onkulunkulu impepho nabo bonke abesifazane ababemi khona, ibandla elikhulu , bonke abantu ababehlala ezweni laseGibithe ePhatirosi; bathi:
UJeremiya wathi futhi kubantu bonke nakubo bonke abesifazane : Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enisezweni laseGibithe.
Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani . Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo , izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?
Wayesengiyisa esivalweni sesango lendlu kaJehova elingasenyakatho; bheka, nampo abesifazane behlezi belilela uTamuzi.
Wahlukene nabanye abesifazane ekufebeni kwakho ngalokho ukuthi akakho olandela wena ukuyofeba ; ngokunika kwakho imivuzo , ungaphiwa imivuzo kodwa wena, ngalokho wahlukene.
Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo , zikwahlulele emehlweni abesifazane abaningi, ngenze ukuba uyeke ukufeba, wena ungabe usanika umvuzo.
Bangena kuye njengalokhu kungenwa esifebeni ; bangena kanjalo ko -Ohola no-Oholiba, abesifazane abakhanukayo.
Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo , nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.
Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nal o; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe , kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni , kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.
Kwakukhona lapho abesifazane abaningi bebukela, bekude, ababemlandele uJesu bevela eGalile, bemkhonza;
ababemlandela eseseGalile , bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema. Ukumbelwa kukaJesu (Math. 27:57; Luk. 23:50; Joh. 19:38)
Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.
Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa , babaxosha emikhawulweni yabo.
Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona ; sahlala phansi , sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene.
Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihla zo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza okwemvelo kwaba ngokuphambene nemvelo;
abesifazane mabathule emabandleni ; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho.
abesifazane abadala njengawonyoko , nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo. Ngabafelokazi
Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo,