"abesilisa"
54 occurrences in ZUL
Yilesi isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho eniyakusigcina ukuthi bayakusokwa bonke abesilisa bakini.
Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa , bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu , lowo ozelwe endlini nalowo othengwe ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho.
U-Abrahama wathatha u -Ishmayeli indodana yakhe , nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke ababethengwe ngemali yakhe , bonke abesilisa phakathi kwaba ntu bendlu ka -Abrahama, wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolo suku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile.
Kuphela ngalokho bayasivumela laba bantu ukuhlala nathi , sibe yisizwe sinye, ukuthi bonke abesilisa bakithi basokwe, njengalokho bona besokiwe.
Bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe balalela oHamori noShekemi indodana yakhe; bonke abesilisa basokwa, bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe. Ukuphindisela kwabanewabo bakaDina
Kwathi ngosuku lwesithathu bese nobuhlungu , amadodana amabili kaJakobe, oSimeyoni noLevi, abanewabo bakaDina, bathatha, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, bahlasela umuzi ngesibindi, babulala bonke abesilisa.
Nxa umfokazi ogogobeleyo kuwe ezakumgcinela uJehova iphasika , mabasoke bonke abesilisa bakhe , asondele aligcine , abe njengowokuzalwa ezweni; kepha malingadliwa muntu ongasokiwe.
Kathathu ngomnyaka abesilisa bakho bonke bayaku bonakala phambi kweNkosi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli.
Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo , baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide , bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova.
Abantwana bakwa -Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova , bonke abesilisa nabesifazane , abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose. Ababonisi bemisebenzi
Bonke abesilisa phakathi k wabantwana baka -Aroni bayakukudla kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova ; konke okukuthintayo kuyakuba ngcwele.
Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo , bonke abesilisa ngezinhloko zabo;
Abantwana bakwaRubeni , izibulo lika -Israyeli, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wam agama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise , labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama , ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Bala abantwana bakwaLevi ngezindlu zawoyise nangemindeni yabo ; uyakubala bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu.
Njengokomumo wabo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha, begcina inkonzo yendlu engcwele.
Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu -Aroni ngesiyalezo sikaJehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
nikhiphe abesilisa nabesifazane , nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.
Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu ; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana , nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo.
Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa ba kho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha : ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo , nangomkhosi wamasonto , nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;
nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ewunikela esandleni sakho , uyakushaya bonke abesilisa bawo ngosiko lwenkemba,
Bonke abawa ngalolo suku , abesilisa nabesifazane, babeyizinkulungwane eziyishumi nambili, abantu bonke base-Ayi.
Bonke abantu bagawula , kwaba yilowo nalowo igatsha lakhe kanjalo , bamlandela u-Abimeleki, bawabeka enqabeni, bayithungela inqaba ngomlilo phezu kwabo ; bafa bonke abantu abasembhoshongweni waseShekemi , kungathi abayinkulungwane, abesilisa nabesifazane.
Kepha phakathi komuzi wawukhona umbhoshongo o qinileyo; babalekela khona bonke abesilisa nabesifazane , nabo bonke abomuzi , bazivalela phakathi, benyukela ophahleni lombhoshongo.
Indlu yayigcwele abesilisa nabesifazane ; namakhosi onke amaFilisti ayelapho; ophahleni kwakukhona abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu, abesilisa nabesifazane, ababebukela ukudlala kukaSamsoni.
Yilokhu eniyakukwenza : Niyakuchitha nokuchitha bonke abesilisa nabo bonke abesifazane abake balala nendoda.
Hamba manje , unqobe u -Amaleki, uchithe impela konke anakho , ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa , nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.
INobi, umuzi wabapristi , walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba.
Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa -Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa , nesicubu senyama , nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo . Base behamba abantu bonke , baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.
Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi
ngokuba uJowabe naye wonke u -Israyeli bahlala khona izinyanga eziyisithupha, waze waqeda bonke abesilisa kwa-Edomi
Wabela bonke abantu bakwa -Israyeli, abesilisa nabesifazane , isinkwa saba sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.
Namadodana ka -Aroni, abapristi ababe semasimini amadlelo emizi yabo , imizi ngemizi , ayenamadoda abizwa ngegama ukuba anike bonke abesilisa babapristi nawo onke amaLevi abhaliweyo ngezizukulwane izabelo.
Kumadodana kaShekaniya , kumadodana kaPharoshi : nguZakariya; kanye naye kwabhalwa ngezizukulwane abesilisa abayikhulu namashumi ayisihlanu.
U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla , abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.
Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enk osini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe , ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zi nsuku ezingamashumi amathathu.
Ngazibuthela futhi isiliva negolide , nemfuyo yamakhosi , nezifunda; ngathola abahlabeleli , abesilisa nabesifazane , nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.
Zonke izinduna zempi ezazisendle , zona nabantu bazo , sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya indodana ka -Ahikamu umbusi ezweni nokuthi inikele kuye abesilisa , nabesifazane, nabantwana, nabayizimpofana bezwe abangathunjelwanga eBabele,
abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi , nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yab alindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya,
Manje usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nenzelani lokhu okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yenu , ninqume kini abesilisa nabesifazane , izingane nabancelayo phakathi kukaJuda , nize ningashiyelwa nsali,
ngiphahlaze ngawe abesilisa nabesifazane , ngiphahlaze ngawe abadala nabasha, ngiphahlaze ngawe izinsizwa nezintombi;
Kepha uSawulu walichitha ibandla , engena ezindlini ng ezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. UFiliphu ushumayela eSamariya
Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu , babhapathizwa abesilisa nabesifazane.
wacela kuye izincwadi zokuya eD amaseku emasinagogeni, kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela , abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.