Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethemba ezithombeni ezibaziweyo, abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi : Ningonkulunkulu bethu.
Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho , namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi , bakhothe uthuli lwezinyawo zakho ; uyakwazi ukuthi nginguJehova , abethemba kimi abayikujabha.