UDavide wathi: Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.
Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe.
Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye ; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema.