"abimeleki"
63 occurrences in ZUL
U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe : Ungudadewethu. Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.
Kepha uNkulunkulu weza ku -Abimeleki ngephupho ebusuku , wathi kuye: Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.
U-Abimeleki wavuka ekuseni , wabiza izinceku zakhe zonke , wakhuluma onke lawa mazwi ezindlebeni zazo; amadoda esaba kakhulu.
U-Abimeleki wayesembiza u -Abrahama, wathi kuye : Wenzeni kithi na ? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na ? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.
U-Abimeleki wayesethatha izimvu , nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe.
U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu . UNkulunkulu wamphulukisa u - Abimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala.
Ngokuba uJehova wayevalile nokuvala zonke izizalo zabendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.
Wahlala ehlane lasePharanu ; unina wamtha thela umfazi ezweni laseGibithe. Isivumelwano sika-Abrahama no-Abimeleki
Kwathi ngaleso sikhathi u -Abimeleki noPikoli , induna yempi yakhe , bakhuluma ku -Abrahama, bathi: UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.
Kepha u -Abimeleki wathi : Angazi ukuthi kwenziwe ngubani lokhu ; nawe awungitshelanga, nami angikuzwanga kuze kube namuhla.
Base benza isivumelwano eBeri Sheba ; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti.
Kwaba khona indlala ezweni ngaphandle kwendlala yokuqal a eyayikhona emihleni ka-Abrahama; u-Isaka waya eGerari ku-Abimeleki inkosi yamaFilisti.
Kwathi esehlale khona isikhathi eside , u-Abimeleki inkosi yamaFilisti walunguza efasiteleni , wabona; bheka, u-Isaka wayetekula noRebeka umkakhe.
U-Abimeleki wambiza u -Isaka, wathi: Bheka, impela yena ungumkakho ; usholoni ukuthi: Ungudadewethu, na? U-Isaka wathi: Ngokuba ngathi: Funa ngife ngenxa yakhe.
U-Abimeleki wayesethi : Kuyini okwenzile kithina na ? Bekulula ukuba kufike omunye wabantu, alale nomkakho; ubususibangele icala.
U-Abimeleki wayala bonke abantu , wathi: Othinta lo muntu nomkakhe uzakubulawa nokubulawa. Amandla ka-Isaka nokuphikisana ngemithombo
Wakha khona i -altare, wakhuleka egameni likaJehova , wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona. Isivumelwano sika-Isaka no-Abimeleki
U-Abimeleki indodana kaJerubali waya kuba fowabo bakanina, wakhuluma kubo nomndeni wonke wendlu kayise kanina, wathi:
Abafowabo bakanina base bekhuluma ngaye ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi onke lawo mazwi ; izinhliziyo zabo zathanda ukumlandela u - Abimeleki, ngokuba bathi: Ungumfowethu.
Bamnika amashekeli angamashumi ayisikhombisa esiliva endlini kaBali Beriti, u-Abimeleki aqasha ngawo izidenga namayiyane, bamlandela.
Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo , baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.
Ngalokho uma nenzile ngeqini so nangobuqotho lapho nimbeka u - Abimeleki inkosi, uma nimphathile kahle uJerubali nendlu yakhe, nenza kuye njengokufanele izandla zakhe
kepha niyivukele namuhla indlu kababa , nibulele amadodana akhe, abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye , nimbekile u -Abimeleki indodana yesigqilakazi sakhe inkosi yabaseShekemi ngokuba engumfowenu;
uma nimphathile kahle uJerubali nendlu yakhe namuhla , thokozani ngo - Abimeleki, naye athokoze ngani;
kepha uma kungenjalo , makuphume umlilo ku -Abimeleki, uqede abantu baseShekemi neBeti Milo , umlilo uphume nakubantu baseShekemi naseBeti Milo, umqede u-Abimeleki.
UNkulunkulu wathuma umoya omubi phakathi kuka -Abimeleki nabantu baseShekemi; abaseShekemi bambhumbuluza u-Abimeleki
ukuba ubudlo va obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali bufike , negazi labo libekwe phezu kuka -Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.
AbaseShekemi bambekela abaqamekeli eziqongweni zezintaba, baphanga bonke ababedlula kubo ngaleyo ndlela; kwabikwa ku-Abimeleki.
Baya endle , bavuna izivini zabo , banyathela imivini , bagubha umkhosi , bangena endlini kankulunkulu wabo , badla, baphuza, bamqalekisa u - Abimeleki.
UGali indodana ka-Ebedi wathi: Ngubani u-Abimeleki, ngubani uShekemi, ukuba simkhonze, na? Akasiyo indodana kaJerubali, noZebule yinduna yakhe na? Khonzani abantu bakaHamori uyise kaShekemi. Thina siyakumkhonzelani yena na?
Sengathi laba bantu nga besesandleni sami ; bengiyakumsusa u-Abimeleki. Wathi ku-Abimeleki: Yandisa impi yakho, uphume.
Wathuma iz ithunywa ku -Abimeleki ngobuqili , wathi: Bheka, uGali indodana ka-Ebedi nabafowabo bafikile eShekemi; bheka, bakuvusela umuzi.
UGali indodana ka -Ebedi waphuma , wema esikhaleni sesango lomuzi ; u- Abimeleki wayeseqhamuka nabantu ababenaye ekuqamekeleni.
UZebule wayesethi kuye: Uphi manje umlomo wakho ukuba uthi : Ngubani u-Abimeleki ukuba simkhonze na ? Akusibo labo bantu obadeleleyo na? Ake uphume manje, ulwe nabo.
U-Abimeleki wamxosha , wabaleka phambi kwakhe , kwawa abaningi bekhutshaziwe kwaze kwaba sesikhaleni sesango.
U-Abimeleki nezigaba ezazinaye zadumela, zema esikhaleni sesango lomuzi; izigaba zombili zadumela bonke abasendle, zababulala.
U-Abimeleki walwa nomuzi lonke lolo suku ; wawuthatha umuzi, wabulala abantu ababekuwo, wawubhidliza umuzi, wahlwanyela usawoti kuwo.
U-Abimeleki wenyukela entabeni yaseSalimoni, yena nabantu bonke ababenaye; u-Abimeleki wathatha izembe ngesandla , wagawula igatsha emithini, walithatha, walibeka ehlombe , wathi kubantu ababenaye : Lokho eningibone ngikwenza, sheshani nikwenze njengami.
Bonke abantu bagawula , kwaba yilowo nalowo igatsha lakhe kanjalo , bamlandela u-Abimeleki, bawabeka enqabeni, bayithungela inqaba ngomlilo phezu kwabo ; bafa bonke abantu abasembhoshongweni waseShekemi , kungathi abayinkulungwane, abesilisa nabesifazane.
U-Abimeleki wafika embhoshongweni, walwa nawo, wasondela emnyango wombhoshongo ukuba awushise ngomlilo.
Kwathi abantu bakwa -Israyeli bebonile ukuthi u -Abimeleki ufile , bamuka baya, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe.
Kanjalo uNkulunkulu wabuyisela ububi buka -Abimeleki abebenzile kuyise ngokubulala abafowabo abangamashumi ayisikhombisa.
Emva kuka-Abimeleki kwavela uThola indodana kaPhuwa kaDodo , umuntu wakwa-Isakare, ukuba asindise u -Israyeli; wayehlala eShamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.