"abineri"
54 occurrences in ZUL
Igama lomkaSawule lalingu -Ahinohama indodakazi ka -Ahimahazi; igama lenduna yempi yakhe lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.
Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangab ezana nomFilisti , wathi ku-Abineri induna yempi : Abineri, yindodana kabani lo mfana na ? U- Abineri wathi: Kuphila kwakho, nkosi, angazi.
UDavide esabuya ekubulaleni umFilisti , u-Abineri wam thatha wamyisa phambi kukaSawule, ephethe ikhanda lomFilisti esandleni sakhe.
Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi , isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema , u-Abineri wahlala ngaseceleni kukaSawule; kepha indawo kaDavide yayiyize.
UDavide wasuka , weza endaweni uSawule amise kuyo ; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo , eno-Abineri indodana kaNeri , induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke.
ODavide no -Abishayi bafika kubantu ebusuku ; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni , umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.
UDavide wabiza abantu no -Abineri indodana kaNeri , ethi: Awusabeli, Abineri, na? U-Abineri wayesesabela ethi: Ungubani wena obiza inkosi na?
UDavide wathi ku -Abineri: Awusiye umuntu okungekho onjengawe kwa - Israyeli na ? Awulindanga ngani inkosi yakho , inkosi? Ngokuba kwafika omunye wabantu ukuyobulala inkosi yakho, inkosi.
Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide , u- Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla.
U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u -Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi,
U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika -Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni.
U-Abineri wathi kuJowabe : Ake zisuke izinsizwa , ziqakulizane phambi kwethu. UJowabe wathi: Mazisuke.
Kwakuyimpi enzima ngalolo suku ; u-Abineri wahlulwa kanye nabantu bakwa-Israyeli phambi kwezinceku zikaDavide.
U-Asaheli wamxosha u -Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri.
U-Abineri wayesethi kuye : Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe. Kepha u- Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni.
U-Abineri wabuye wathi ku -Asaheli: Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na ? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?
Wala nokho ukuchezuka ; ngalokho u -Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto , waze waphuma emuva umkhont o; wawela khona , wafela khona lapho ; kwathi bonke abafika endaweni u -Asaheli awele kuy o wafa, bema.
Kepha oJowabe no -Abishayi bamxosha u -Abineri; ilanga lashona befike ngasegqumeni lase -Ama elingaphambi kweGiya ngasendleleni yasehlane laseGibeyoni.
Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka -Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile.
U-Abineri wayesememeza kuJowabe , wathi: Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na ? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?
U-Abineri nabantu bakhe badabula i -Araba bonke lobo busuku , bawela iJordani, badabula lonke iBitroni, bafika eMahanayimi.
UJowabe wabuya ekumxosheni u -Abineri; lapho esebuthile bonke abantu , kwasilala kuzo izinceku zi kaDavide abantu abayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli.
Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBenjamini nabaka -Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha.
eyesithupha yayingu -Itereyamu ku -Egila umkaDavide . Lawo azalelwa uDavide eHebroni. Ukuvumelana kukaDavide no-Abineri. U-Abineri ubulawa nguJowabe
Kepha uSawule wayenesancinza esigama laso lalinguRispa indodakazi ka - Aya. U-Ishi Bosheti wayesethi ku-Abineri: Ungeneleni kuso isancinza sikababa na?
U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka -Ishi Bosheti , wathi: Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na ? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa , abafowabo nabangane bayo , angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.
UNkulunkulu makenze njalo ku -Abineri, enezele futhi , uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye,
U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: Ngelikabani izwe na ? ethi futhi : Yenza isivumelwano nami ; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli.
Indoda yakhe yahamba na ye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: Buya. Yabuya-ke.
U-Abineri waba nezwi namalunga akwa -Israyeli, ethi: Ngezikhathi ezidlulileyo nafuna uDavide abe yinkosi phezu kwenu;
U-Abineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini ; u-Abineri waya futhi ukukhuluma ezindle beni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku - Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini.
Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili.
U-Abineri wayesethi kuDavide: Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u - Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho . UDavide wammukisa u - Abineri, wahamba ngokuthula.
Bheka, izinceku zikaDavide nezikaJowabe zabuya eviyweni , zaletha impango enkulu; kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni , ngokuba wayemmukisile, wahamba ngokuthula.
Esefikile uJowabe nempi yonke eyayinaye , bamtshela uJowabe ukuthi : U- Abineri indodana kaNeri wafika enkosini; immukisile, wahamba ngokuthula.
UJowabe wayeseya enkosini , wathi: Wenzeni na? Bheka, u-Abineri wafika kuwe; ummukiseleni wahamba nokuhamba na?
Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo.
UJowabe esephumile kuDavide wathuma izithunywa ukulandela u -Abineri, zambuyisa emthonjeni waseSira, kepha uDavide wayengakwazi lokho.
U-Abineri esebuyele eHebroni , uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa , wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
Esekuzwa lokho ngasemuva uDavide wathi: Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi lika -Abineri indodana kaNeri;
OJowabe no -Abishayi umfowabo base bembulele u -Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini.
UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababe naye : Klebhulani izingubo zenu , nibhince indwangu yamasaka , nilile phambi kuka -Abineri. Inkosi uDavide yalandela uhlaka.
Bammbela u -Abineri eHebroni ; inkosi yadazuluka , yakhala ngasethuneni lika-Abineri; nabantu bonke bakhala.
Base beqonda bonke abantu naye wonke u -Israyeli ngalolo suku ukuthi kwakungesikho okwenkosi ukubulala u-Abineri indodana kaNeri.
Lapho isizwile indodana kaSawule ukuthi u -Abineri ufile eHebroni , izandla zayo zaba buthakathaka, nabo bonke abakwa-Israyeli bakhathazeka.
UDavide wayeseyaleza izinsizwa zakhe , zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngaseceleni kwechibi laseHebroni. Kepha bathatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni.
Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya , nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zak wa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula , wabeka igazi lokulwa kulo ibhande lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.
UJehova uya kulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe , ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye , wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no- Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.