Wathuma wabiza uB araki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali , wathi kuye : UJehova uNkulunkulu ka -Israyeli akayalanga yini ngokuthi : Hamba usondele entabeni yaseThabori , uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?
Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka -Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori.
Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka -Abinohama ngalolo suku , bethi:
Vuka, vuka, Debora! Vuka, vuka, uhube ihubo ! Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho, wena ndodana ka-Abinohama!