Skip to Content

"abiyathara"

30 occurrences in ZUL

Omunye wamadodana ka -Ahimeleki indodana ka -Ahithubi ogama lakhe lingu-Abiyathara wabaleka, wamlandela uDavide.

U-Abiyathara wamtshela uDavide ukuthi uSawule ubulele abapristi bakaJehova.

UDavide wathi ku-Abiyathara: Ngazi ngalolo suku mhla uDowegi wakwa - Edomi elapho ukuthi uyakumtshela nokumtshela uSawule ; yimi engibangele ukuba bafe abantu bonke bendlu kayihlo.

Kwathi lapho u -Abiyathara indodana ka -Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe.

UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye ; wathi ku -Abiyathara umpristi: Letha ingubo yamahlombe.

UDavide wathi ku-Abiyathara umpristi, indodana ka-Ahimeleki: Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe . U-Abiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide.

uSadoki indodana ka -Ahithubi no-Ahimeleki indodana ka -Abiyathara babe ngabapristi; uSeraya wayengumbhali;

Bheka, kwafika noSadoki nawo onke amaLevi enaye , ethwele umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; abeka phansi umphongolo kaNkulunkulu, u- Abiyathara wenyuka, baze baphuma bonke abantu emzini.

Yathi inkosi kuSadoki umpristi : Ungumboni; buyela emzini ngokuthula , namadodana enu amabili enani , o-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara.

Ngalokho oSadoki no-Abiyathara bawubuyisela umphongolo kaNkulunkulu eJerusalema, bahlala khona.

Abakho lapho nawe oSadoki no-Abiyathara abapristi na ? Kuyakuthi konke okuzwayo endlini yenkosi ukutshele oSadoki no-Abiyathara abapristi.

Bheka, kukhona lapho nabo amadodana abo amabili, o-Ahimahasi indodana kaSadoki noJonathani indodana ka -Abiyathara; niyakuthuma kimi ngesandla sabo konke eniyakukuzwa.

UHushayi wayesethi kuSadoki naku -Abiyathara abapristi : U-Ahithofeli weluleka u -Abisalomu namalunga akwa-Israyeli kanje nakanje ; mina ngeluleke kanje nakanje.

Inkosi uDavide yathumela kuSadoki naku -Abiyathara abapristi , yathi: Khulumani kumalunga akwaJuda , nithi: Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo , lokhu kufinyelele enkosini nasendlini yayo konke ukukhuluma kuka-Israyeli, na?

USheva wayengumbhali; oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;

Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya no -Abiyathara umpristi; bamsiza u-Adoniya, bamlandela.

usehlabile izinkabi , namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi , umemile onke amadodana enkosi, no-Abiyathara umpristi, noJowabe induna yempi; kepha uSolomoni inceku yakho kammemanga.

Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi , umemile onke amadodana enkosi , nezinduna zempi , no- Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe , bathi: Mana njalo, nkosi Adoniya.

Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi : Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla ; uze nodaba oluhle.

Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka -Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane ; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni , iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema. Izijeziso zika-Adoniya, no-Abiyathara, noJowabe, noShimeyi

Inkosi uSolomoni yaphendula , yathi kunina : Umcelelelani u -Adoniya u- Abishagi waseShunemi na? Mcelele nombuso futhi, ngokuba ungumnewethu; yebo, mcelele yena no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.

Inkosi yathi ku -Abiyathara umpristi : Hamba uye e -Anathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa , kepha angiyikukubulala namuhla , ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba , wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho.

USolomoni wayesemxosha u -Abiyathara, angabe esaba ngumpristi kuJehova, ukuba agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu ka-Eli eShilo.

Inkosi yayisimbeka uBenaya indodana kaJehoyada phezu kwempi esikhundleni sakhe ; uSadoki umpristi inkosi yambeka esikhundleni sika - Abiyathara.

uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwempi ; oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;

UDavide wabiza oSadoki no -Abiyathara abapristi, namaLevi o-Uriyeli, no- Asaya, noJoweli, noShemaya, no-Eliyeli, no-Aminadaba, wathi kubo:

uSadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki indodana ka -Abiyathara, babe ngabapristi; noShawusha wayengumbhali;

UShemaya, indodana kaNethaneli , umbhali ongowamaLevi , wabaloba phambi kwenkosi , nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi , no- Ahimeleki indodana ka -Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u -Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.

emva kuka -Ahithofeli kwakunguJehoyada indodana kaBenaya no - Abiyathara; uJowabe wayeyinduna yempi yenkosi.

ukuthi w angena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu , ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?