"abrama"
52 occurrences in ZUL
O-Abrama noNahori bazithathela abafazi ; igama lomka -Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka , indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.
UThera wathatha u -Abrama indodana yakhe , noLoti indodana kaHarana , indodana yendodana yakhe , noSarayi umalokazana wakhe , umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.
UJehova wathi ku -Abrama: Phuma ezweni lakini , nasezihlotsheni zakho , nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
Wayesesuka u -Abrama, njengalokho uJehova emtshelile ; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.
U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe , noLoti indodana yomfowabo , nempahla yonke ababeyibuthile , nezinceku ababezitholile eHarana ; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani. Ukufika kuka-Abrama eKhanani
U-Abrama wadabula izwe , waze wafika endaweni yaseShekemi nase -okini laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.
UJehova wabonakala ku -Abrama, wathi: Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho. Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.
Kwakukhona indlala ezweni ; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.
U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe ; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.
UFaro wayesembiza u -Abrama, wathi: Kuyini lokho okwenze kimi na ? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?
Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika -Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.
U-Abrama wathi kuLoti: Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.
U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani ; uLoti wahlala emizini yasethafeni , wamisa itende lakhe ngaseSodoma.
UJehova wathi ku -Abrama, uLoti esehlukene naye : Phakamisa manje amehlo akho ubuke , usendaweni lapho umi khona , ngasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, nasentshonalanga,
Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.
Bamthatha uLoti indodana yomfowabo ka -Abrama owayehlala eSodoma kanye nempahla yakhe, bamuka. Ukusiza kuka-Abrama nokukhululwa kukaLoti
Kepha kweza ophunyukileyo , wamtshela u-Abrama umHeberu , ngokuba wayehlala ngasema -okini kaMamre umAmori , umfowabo ka -Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama.
Nxa u -Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe , wabutha izinceku z akhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe , ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili , wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.
Wabuyisa yonke impahla, wambuyisa noLoti umzalwane wakhe , nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu. O-Abrama noMelkisedeki
Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izith a zakho esandleni sakho. U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.
Kepha u -Abrama wathi enkosini yaseSodoma : Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba,
ngithi angiyikuthatha umucwana nomchilo wezicathulo nokunye okwakho ukuba ungasho ukuthi: Ngimcebisile u-Abrama.
Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku -Abrama ngombono , lithi: Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho ; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.
Kepha u-Abrama wathi : Nkosi Jehova , uyakungiphani na ? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.
U-Abrama wathi futhi : Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.
Kwathi ngokushona kwelanga ubuthon go obunzima bamehlela u -Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu.
Wathi ku-Abrama: Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane.
Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no -Abrama, wathi: Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:
USarayi umka -Abrama wayengamzaleli mntwana ; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari.
USarayi wathi ku -Abrama: Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami ; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo . U- Abrama walalela izwi likaSarayi.
USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe , incekukazi yakhe , wamnika u -Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe , u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.
USarayi wathi ku -Abrama: Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho . Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo ; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.
U-Abrama wathi kuSarayi: Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuyo okufanele emehlweni akho . USarayi wayilaya, yabaleka ebusweni bakhe.
UHagari wamzalela u -Abrama indodana ; u-Abrama waqamba igama lendodana yakhe ayizalayo uHagari ngokuthi u-Ishmayeli.
U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.
U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku -Abrama, wathi kuye : NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.