"abuyele"
17 occurrences in ZUL
Wayesethi uJehova kuMose : Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe , phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.
makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo , abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe.
Uma engatholi amandla okuzibuyisele la lona , lelo athengise ngalo liyakusala esandleni solithengileyo , uze ufike umnyaka wejubili ; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe.
andukuba aphume kuwe , yena nabantwana bakhe kanye naye , abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise.
Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa afele empini, omunye umuntu ayivule.
Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa afele empini , omunye umuntu asidle.
Ngumuphi umuntu onengoduso engayithathanga na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayithathe.
Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu , zithi: Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.
UManowa wayesemncenga uJehova, wathi: O Nkosi, umuntu kaNkulunkulu owamthumayo ake abuyele kithi, asifundise ukuthi siyakwenzani kumntwana ozakuzalwa.
Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe om mise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini , ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?
Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u -Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: Nina bantwana bakwa -Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka - Abrahama noka -Isaka noka -Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.
Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova , uyakuba nomusa kuye , yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.