nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe , liyisibabule nosawoti , lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo , lingenambali ekhahlelayo , linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;
U-Asa na bantu ababe naye bawaxosha kwaze kwaba seGerari, kwawa amaKushe kwaze kwangasala muntu ophilayo , ngokuba achithwa phambi kukaJehova naphambi kwempi yakhe, bamuka nempango enkulu kakhulu.