Skip to Content

"adamu"

27 occurrences in ZUL

Babehamba ze bobabili, u-Adamu nomkakhe, bengenamahloni.

Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga ; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.

Kepha uJehova uNkulunkulu wambiza u-Adamu, wathi kuye: Uphi na?

U-Adamu wathi: Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami , unginikile kuwo umuthi, ngadla.

Wayesethi ku -Adamu: Njengokuba ulalele izwi lomkakho , wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo , ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.

U-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u -Eva, ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo.

UJehova uNkulunkulu wabenzela u -Adamu nomkakhe iziphuku , wabembathisa.

UJehova uNkulunkulu wathi : Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu , uyakwazi okuhle nokubi ; kepha manje makangeluli isandla sakhe , athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.

Wamxosha u -Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase -Edene amakherubi kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo , ilinde indlela eya emthini wokuphila.

U-Adamu wamazi umkakhe u -Eva; wakhulelwa, wazala uKayini ; wathi: Ngitholile indoda kuJehova.

U-Adamu wabuye wamazi umkakhe ; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti , ethi: UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika - Abela, njengokuba uKayini umbulele.

Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika -Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu.

U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.

Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi.

Zonke izinsuku zokuhamba kuka-Adamu zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu; wayesefa.

ayesema amanzi avela ngenhla , afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani ; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela ; abantu base bewela maqondana neJeriko.

O-Adamu, noSeti, no-Enoshe,

Kepha baseqile isivumelwano njengo-Adamu; bangikhohlisa ngalokho.

uma ngisibekele iziphambeko zami njengo -Adamu ngokufihla ububi bami esifubeni sami,

ka-Enose kaSeti ka-Adamu kaNkulunkulu.

kepha akusikho lokho kuphela , kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana. Isono nokufa kwafika ngo-Adamu

nokho ukufa kwabusa kusukela ku -Adamu kwaze kwaba kuMose , naphezu kwabangonanga ngendlela yeseqo sika -Adamu oyisifanekiso sakhe obeyakuza. Ukulunga nokuphila kwafika ngoJesu

Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa , ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.

Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; u-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.

Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho u-Eva.

Futhi u -Adamu kakhohliswanga , kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe , waphambuka;

U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,