Skip to Content

"adle"

28 occurrences in ZUL

UJehova uNkulunkulu wathi : Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu , uyakwazi okuhle nokubi ; kepha manje makangeluli isandla sakhe , athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.

Kwabekwa phambi kwakhe ukudla ukuba adle , kepha wathi: Angiyikudla ngingakakhulumi indaba yami. Wathi: Khuluma.

wena usiyise kuyihlo, aze adle, akubusise engakafi.

Naye wenza isilovela, wasiyisa kuyise; wathi kuyise: Ubaba makavuke, adle inyamazane yendodana yakhe ukuba umphefumulo wakho ungibusise.

Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo , adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

Selishonile ilanga uyakuba ngohlambulukile , andukuba adle izinto ezingcwele, ngokuba ziyisinkwa sakhe.

uJoshuwa indodana kaNuni omi phambi kwakho uyakungena khona ; mqinise wena, ngokuba uyakumenza u-Israyeli adle ifa lalo.

Uma okuzondayo elambile, mnike ukudla, adle; uma omile, muphe amanzi, aphuze.

Wayesekhuphuka u -Ahabi ukuba adle , aphuze. U-Eliya wakhuph ukela esiqongweni saseKarmeli , wakhothamela phansi , wabeka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe.

Kwathi ngelinye ilanga u -Elisha wadlulela eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo , wamcindezela ukuba adle isinkwa . Kwakuthi njalo nxa edlula, waphambukela khona ukuba adle.

Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engazange adle okuhle.

Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle , aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe , kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu.

Vuka, moya wasenyakatho , uze wena Ningizimu , uphephethe ensimini yami, ukuze amakha ayo athaphuke; othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle izithelo zayo ezinqabileyo.

Umuntu uyahlwitha ngakweso kunene, abe esalambile nokho , adle ngakwesokhohlo, kepha angasuthi; bayakudla, kube yilowo nalowo inyama yengalo yakhe,

Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikop hule, kepha umoya uzakuzisusa zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.

Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa -Esawu, nabasehlanzeni ifa lamaFilisti, badle ifa lezwe lakwa -Efrayimi nezwe laseSamariya , uBenjamini adle iGileyadi.

Ngokuba bheka , ngiyakuvusa umalusi ezweni ongayikuhambela ezilahlekileyo, angafuni ezihlakazekileyo , angazelaphi ezaphukileyo , angaboneleli eziphilayo , kepha adle inyama yezikhulupheleyo , adwebule izinselo zazo.

AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe : Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?

Nalowo oshiye izindlu , noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina , noma abantwana, noma amazwe ngenxa yeg ama lami , uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.

Khona aba bhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?

Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye ; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni.

Esakhuluma, umFarisi wammema ukuba adle naye ; wangena, wahlala ekudleni.

Kwathi ekungeneni kwakhe ngesabatha endlini yomunye waba yizikhulu kubaFarisi ukuba adle ukudla, bona uqobo babemqaphele.

AbaFarisi nababhali base bakhonona bethi : Lo muntu wamukela izoni , adle nazo.

Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi.

Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo osebuthakathaka akayikududeka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe, na?

Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni . Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle ku wo umuthi wokuphila oseParadisi likaNkulunkulu.

Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha ; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.