Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundl eni zawo ukuba adumise , akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla , nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango , ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.
ngubani ongayikwesaba, Nkosi, adumise igama lakho , na? Ngokuba wena wedwa ungcwele , nezizwe zonke ziyakuz a zikhuleke phambi kwakho , ngokuba izenzo zakho zokulunga zibonakalisiwe.