inkosi yase-Afeki: inye; inkosi yaseLasharoni: inye;
lonke izwe lamaKhanani ng aseningizimu neMehara elingelamaSidoni kuze kufike e-Afeki nasemkhawulweni wama-Amori,
ne-Uma, ne-Afeki, neRehobi, imizi ingamashumi amabili nemizana yayo.
Izwi likaSamuweli lafika kuye won ke u -Israyeli. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa ngase-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki.
AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e -Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.
Kwathi emva komnyaka uBeni Hadadi wabala ama -Aramu, wenyukela e - Afeki ukuba alwe no-Israyeli.
Abaseleyo babalekela emzini wase-Afeki; ugange lwawela phezu kwabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa abaseleyo . Naye uBeni Hadadi wabaleka, wangena emzini amakamelo ngamakamelo.
Wathi: Vula ifasitele ngasempumalanga . Yalivula. Wayesethi u -Elisha: Cibishela. Yacibishela-ke. Wathi: Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa , umcibisholo wokusindiswa kuma -Aramu, ngokuba uyakubulala ama -Aramu e-Afeki, uwaqede.