Washo kumaLevi afundisa wonke u-Israyeli, ayengcwele kuJehova, wathi: Bekani umphongolo ongcwele endlini ayakhayo uSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli; akusayikubakho mthwalo emahlombe enu ; khonzani manje uJehova uNkulunkulu wenu nabantu bakhe u-Israyeli.
Kepha kwafika omunye , wababikela wathi : Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, afundisa abantu.