Lapho umuntu ethatha umfazi , aganwe nguye, engasathandeki emehlweni akhe kodwa , lokhu efumanisile kuye okuthile okwenyanyekayo, uyakumlobela incwadi yesahlukaniso , amnike yona esandleni sakhe , amkhiphe endlini yakhe.
Namanje ngithi kini : Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga , aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.
Wathi kubo : Yilowo nalowo olahla umkakhe , aganwe ngomunye , uyaphinga kuye.
Yilowo nalowo olahla umkakhe , aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliwe yindoda uyaphinga. Isicebi noLazaru