"ahazi"
40 occurrences in ZUL
Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.
UJothamu wayeselala k oyise, wembelwa koyise emzini kaDavide ; u-Ahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaPheka indodana kaRemaliya u -Ahazi indodana kaJothamu, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.
U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema ; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova, uNkulunkulu wakhe, njengoDavide uyise.
Ngaleso sikhathi uResini , inkosi ya se-Aramu, noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa -Israyeli, benyukela eJerusalema ukulwa nalo ; bamvimbezela u-Ahazi, kepha babengenakumahlula.
U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho : yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase -Aramu nasesandleni senkosi yakwa -Israyeli angivukelayo.
U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho.
Inkosi u-Ahazi yaya eDamaseku ukumhlangabeza uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, yabona i-altare elaliseDamaseku; inkosi u-Ahazi yathumela ku - Uriya, umpristi, isimo se -altare nesifanekiso salo njengokwenziwa kwa lo konke.
U-Uriya, umpristi, wayesakha i -altare: njengakho konke inkosi u-Ahazi ebikuthumile iseDamaseku walenze njalo u -Uriya umpristi , yaze yabuya inkosi u-Ahazi eDamaseku.
Inkosi u-Ahazi yamyala u -Uriya umpristi ngokuthi : Shisa e-altare elikhulu umnikelo wokushiswa wasekuseni , nomnikelo wempuphu wakusihlwa , nomnikelo wokushiswa wenkosi , nomnikelo wayo wempuphu kanye nomnikelo wokushiswa wabo bonke abantu bezwe , nomnikelo wabo wempuphu, neminikelo yabo yokuphuzwa , ulifafaze ngalo lonke igazi lomnikelo wokushiswa nalo lonke igazi lomhlatshelo ; kodwa i-altare lethusi liyakuba ngelami ukubuza ngalo.
Inkosi u -Ahazi yanquma izindini zezinqe , yasusa kuzo umcengezi wokugeza, yehlisa ulwandle ezinkabini zethusi ezaziphansi kwawo , yawubeka endaweni egandayiwe ngamatshe.
Ezinye izindaba zika -Ahazi azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
U-Ahazi wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Ngomnyaka weshumi nambili ka -Ahazi inkosi yakwaJuda uHosheya indodana ka -Ela waba yinkosi eSamariya k wa-Israyeli, wabusa iminyaka eyisihiyagalolunye.
Kwathi ngomnyaka wesithathu kaHosheya indodana ka -Ela, inkosi yakwa- Israyeli, uHezekiya indodana ka-Ahazi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
U-Isaya umpro fethi wakhala kuJehova , wasibuyisa isithunzi izinyathelo eziyishumi ebesizehlile ezinyathelweni zika-Ahazi. Izithunywa zaseBabele
Ama-altare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika -Ahazi, elenziwe ngamakhosi akwaJuda, nama-altare enziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaJehova inkosi yawadiliza , yasuka yagijima , yalahla uthuli emfudlaneni iKidroni.
Kwathi ezinsukwini zik a-Ahazi indodana kaJothamu ka -Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo , kepha babengenakulinqoba.
Kepha uJehova wathi ku -Isaya: Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,
UJothamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Ahazi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema ; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise,
Ngokuba uJehova wathobisa uJuda ngenxa ka -Ahazi inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba wayedlubulundile kwaJuda , waphambuka nokuphambuka kuJehova.
Ngokuba u -Ahazi waphanga indlu kaJehova nendlu yenkosi neyezikhulu , wakunika inkosi yase-Asiriya, kepha akumsizanga.
U-Ahazi waqoqa izinto zendlu kaNkulunkulu , wazihlahlela izinto zendlu kaNkulunkulu, wavala izivalo zendlu kaJeh ova, wazenzela ama -altare emagumbini onke aseJerusalema.
U-Ahazi wayeselala koyise ; bammbela emzini , iJerusalema, ngokuba abamyisanga emathuneni amakhosi akwa-Israyeli; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Zonke izinto inkosi u -Ahazi eyazilahla ekuphambukeni kwayo isabusa , sizilungisile, sazingcwelisa; bheka, seziphambi kwe-altare likaJehova.
bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika - Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi . Ilanga labuya -ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo. Ihubo likaHezekiya