Skip to Content

"ahaziya"

31 occurrences in ZUL

U-Ahabi wayeselala koyise; u-Ahaziya waba yinkosi esikhundleni sakhe. UJehoshafati uyinkosi kwaJuda; u-Ahaziya uyinkosi kwa-Israyeli

Khona u -Ahaziya indodana ka -Ahabi wathi kuJehoshafati : Izinceku zami mazihambe nezinceku zakho emikhunjini. Kepha uJehoshafati akavumanga.

U-Ahaziya indodana ka -Ahabi waqala ukubusa kwa -Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaJehoshafati inkosi yakwaJuda , wabusa iminyaka emibili kwa-Israyeli.

U-Ahaziya wawa eheleni lekame lo lakhe eliphezulu laseSamariya , wagula, wathuma izithunywa , wathi kuzo : Hambani nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni, uma ngiyakusinda kulokhu kugula kwami.

Ezinye izindaba zika -Ahaziya azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

Kepha kwathi ngangomuso wathatha indwangu embozayo , wayicwilisa emanzini, wayimboza ubuso ngayo , yafa; uHazayeli waba yinkosi esikhundleni sayo. OJehoramu no-Ahaziya bangamakhosi kwaJuda

UJoramu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahaziya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Ngomnyaka weshumi nambili kaJoramu indodana ka -Ahabi inkosi yakwa- Israyeli u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda waba yinkosi.

U-Ahaziya waba yinkosi eneminyaka engamashumi amabili nambili , wabusa umnyaka eJerusalema ; igama likanina lalingu -Athaliya, indodakazi ka-Omri inkosi yakwa-Israyeli.

Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama -Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu , inkosi yakwaJuda , wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu.

Wayesethi uJoramu: Bophela. Babophela-ke inqola yakhe. UJoramu inkosi yakwa-Israyeli no -Ahaziya inkosi yakwaJuda baphuma , kwaba yilowo nalowo ngenqola yakhe , baphuma ukum hlangabeza uJehu , bamfumana esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli.

UJoramu wayesephenduka wabaleka, wathi ku-Ahaziya: Ngugobe, Ahaziya!

U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esebone lokho wabaleka ngendlela yendlu yasensimini. Kepha uJehu wamlandela , wathi: Mbulaleni naye enqoleni yakhe. Benze njalo -ke ngasemmangweni waseGuri ongaseJibileyamu . Wabalekela eMegido, wafela khona.

Ngomnyaka weshumi nanye kaJoramu indodana ka-Ahabi u-Ahaziya waba yinkosi kwaJuda.

uJehu wafumana abafowabo baka -Ahaziya inkosi yakwaJuda, wathi: Nina ningobani na ? Bathi: Singabafowabo baka -Ahaziya; siyehla ukubingelela abantwana benkosi nabantwana benkosikazi.

U-Athaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke imbewu yenkosi.

Kepha uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu , udadewabo ka -Ahaziya, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, yena nomzanyana wakhe , ekamelweni lokulala; bamfihla ebusweni buka-Athaliya, waze wangabulawa.

UJehowashi, inkosi yakwaJuda , wathatha zonke izinto ezingcwele , ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu no-Ahaziya oyise , amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe , nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi , wakuthuma kuHazayeli inkosi yase-Aramu; wayesesuka eJerusalema.

Ngomnyaka wamashumi amabili nantath u kaJowashi indodana ka-Ahaziya inkosi yakwaJuda uJehowahazi indodana kaJehu waba yinkosi kwa -Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa.

UJehowashi, inkosi yakwa -Israyeli, wambamba u -Amasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi , ka-Ahaziya, eBeti Shemeshi , wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwa - Efrayimi kuze kube seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane.

nguJoramu indodana yakhe ; ngu-Ahaziya indodana yakhe ; nguJowashi indodana yakhe;

Emva kwalokho uJehoshafati , inkosi yakwaJuda, wazihlanganisa no - Ahaziya inkosi yakwa-Israyeli; yena wayekwenza okubi impela;

U-Eliyezeri indodana kaDodavahu waseMaresha waprofetha ngoJehoshafati ngokuthi: Ngenxa yokuba uzihlanganisile no -Ahaziya, uJehova uyakudiliza imisebenzi yakho. Yaphuka-ke imikhumbi, yathiyeka ukuya eTharishishi.

Abakhileyo eJerusalema babeka u -Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe , ngokuba iviyo lababefike ekamu nabase -Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.

U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema ; igama likanina lalingu -Athaliya indodakazi ka-Omri.

Ukubhubha kuka -Ahaziya kwavela kuNkulunkulu ekuyeni kwakhe kuJoramu, ngokuba lapho esefikile khona waphuma noJehoramu ukulwa noJehu indodana kaNimishi , amgcobileyo uJehova ukuba anqume indlu ka - Ahabi.

Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka -Ahabi, wafumanisa izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka -Ahaziya abab ekhonza u -Ahaziya; wababulala.

Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke . Indlu ka -Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso. U-Athaliya ungumbusi

Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.

Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kw amadodana enkosi abulawayo , wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala . UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi -- ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya -- wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.