Skip to Content

"ahimahasi"

14 occurrences in ZUL

Yathi inkosi kuSadoki umpristi : Ungumboni; buyela emzini ngokuthula , namadodana enu amabili enani , o-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara.

Bheka, kukhona lapho nabo amadodana abo amabili, o-Ahimahasi indodana kaSadoki noJonathani indodana ka -Abiyathara; niyakuthuma kimi ngesandla sabo konke eniyakukuzwa.

OJonathani no -Ahimahasi babehlala e -Eni Rogeli ; incekukazi yayizinge ibatshela; bona bahamba bayibikela inkosi uDavide ukuba bangabonwa behamba beya emzini.

Zase zifika izinceku zika -Abisalomu kowesifazane endlini , zathi: Baphi o - Ahimahasi noJonathani na ? Owesifazane wathi kuzo : Bawuwele umfudlana. Sezibafunile zingabatholanga, zabuyela eJerusalema.

U-Ahimahasi indodana kaSadoki wayesethi : Ake ngigijime , ngiyibikele inkosi ukuthi uJehova uyiphindisele ezitheni zayo.

U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe : Noma kanjani, ake ngigijime nami , ngimlandele umKushe . Kepha uJowabe wathi : Uyakugijimelani wena mntanami , lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe , na?

Wathi: Noma kanjani, ake ngigijime. Wathi kuye: Gijima. Wayesegijima u- Ahimahasi ngendlela yasethafeni, wamdlula umKushe.

Umlindi wayesethi : Ngibona kungathi ukugijima kowokuqala kunjengokugijima kuka -Ahimahasi indodana kaSadoki . Yathi inkosi : Ngumuntu omuhle yena; uletha umbiko omuhle.

Wayesememeza u-Ahimahasi, wathi enkosini: Bayede! Wakhothama phambi kwenkosi ebhekise phansi ubuso bakhe , wathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho , onikele abantu abaphakamisela isandla sabo enkosini yami, inkosi.

Inkosi yathi : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na ? U-Ahimahasi wathi : Ngabona isixuku sabantu , lapho uJowab e inceku yenkosi ethuma inceku yakho, kepha angazanga ukuthi kuyini.

no-Ahimahasi kwaNafetali , yena owathatha uBasemati indodakazi kaSolomoni abe ngumkakhe,

u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala u-Ahimahasi;

u-Ahimahasi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani;

noSadoki indodana yakhe, no-Ahimahasi indodana yakhe.