Skip to Content

"ahimeleki"

15 occurrences in ZUL

UDavide wayeseya eNobi ku -Ahimeleki umpristi ; u-Ahimeleki waya ukumhlangabeza uDavide ethuthumela , wathi ku ye: Yini ukuba uwedwa , kungekho muntu nawe, na?

UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo . Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile.

UDavide wathi ku -Ahimeleki: Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.

UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku -Ahimeleki indodana ka - Ahithubi.

Inkosi yayisithumela ukubiza u -Ahimeleki umpristi, indodana ka-Ahithubi, nendlu yonke kayise, abapristi ababeseNobi; beza bonke enkosini.

U-Ahimeleki waphendula inkosi , wathi: Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na?

Inkosi yayisithi : Uyakufa nokufa , Ahimeleki, wena nayo yonke indlu kayihlo.

Omunye wamadodana ka -Ahimeleki indodana ka -Ahithubi ogama lakhe lingu-Abiyathara wabaleka, wamlandela uDavide.

Kwathi lapho u -Abiyathara indodana ka -Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe.

UDavide wayesethatha washo ku -Ahimeleki umHeti naku -Abishayi indodana kaSeruya , umfowabo kaJowabe , ethi: Ngubani oyakwehla nami ukuya kuSawule ekamu na? U-Abishayi wathi: Ngiyakwehla nawe.

UDavide wathi ku-Abiyathara umpristi, indodana ka-Ahimeleki: Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe . U-Abiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide.

uSadoki indodana ka -Ahithubi no-Ahimeleki indodana ka -Abiyathara babe ngabapristi; uSeraya wayengumbhali;

ODavide, noSadoki wamadodana ka-Eleyazare, no-Ahimeleki wamadodana ka-Itamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo.

UShemaya, indodana kaNethaneli , umbhali ongowamaLevi , wabaloba phambi kwenkosi , nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi , no- Ahimeleki indodana ka -Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u -Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.

Nalabo benza inkatho njengabafowabo , amadodana ka -Aroni, ebusweni bukaDavide inkosi, noSadoki, no-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi, inhloko yawoyise njengomfowabo omncane.