Skip to Content

"ahiya"

24 occurrences in ZUL

u-Ahiya indodana ka -Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi indodana kaFinehasi ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo , wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.

USawule wathi ku -Ahiya: Letha umphongolo kaNkulunkulu . Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu wawukhona ngaleso sikhathi kwabakwa-Israyeli.

o-Elihorefi no -Ahiya amadodana kaShisha babe ngababhali , noJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;

Wamelana no -Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni phezu kokubi akwenzayo uHadadi, wanengwa ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu. Isiprofetho sika-Ahiya

Kwathi ngaleso sikhathi , lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema , umprofethi u -Ahiya waseShilo wamfumana endlel eni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle.

U-Ahiya wayibamba leyo ngubo entsha eyayikuye, wayiklebhula imidweshu eyishumi nambili.

Inkosi ayilalelanga abantu , ngokuba kwakuyi siyiba esivela kuJehova , ukuze amise izwi lakhe uJehova alikhulumayo ngesandla sika -Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.

UJerobowamu wathi kumkakhe : Ake usuke uzifihle , ukuze kungaziwa ukuthi wena ungumkaJerobowamu, uye eShilo ; bheka, u-Ahiya umprofethi ulapho, yena owakhuluma ngami ukuthi ngiyakuba yinkosi phezu kwalaba bantu.

UmkaJerobowamu w enze njalo ; wasuka, waya eShilo , wafika endlini ka - Ahiya. U-Ahiya wayengenakubona , ngokuba amehlo akhe ayequndekile ngenxa yobudala bakhe.

UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe , ngokuba iyagula ; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.

Kwathi lapho u -Ahiya ezwa izigqi zezinyawo zakhe ekungeneni kwakhe emnyango, wathi: Ngena, mkaJerobowamu; uzishayelani omunye ; mina ngithunyiwe kuwe nginendaba elukhuni.

Wonke u-Israyeli wammbela, wamlilela njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Ahiya umprofethi. Ukufa kukaJerobowamu

UBahasha indodana ka -Ahiya wendlu ka -Isakare wamenzela ugobe ; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti , ngokuba uNadabi naye wonke u-Israyeli babelivimbezela iGibethoni.

Kwathi eseyinkosi , wabulala yonke indlu kaJerobowamu , kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo,

Ngomnyaka wesithathu ka -Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka - Ahiya waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli wonke eTirisa , wabusa iminyaka engamashumi amabili nane.

ngiyakwenza indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka -Ahiya ngenxa yesicunulo ongicunule ngaso, wonisa futhi ngaso u-Israyeli.

Ngiyakwenza indlu ka -Ahabi ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka-Ahiya.

Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya.

zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.

noHeferi waseMekeri, no-Ahiya wasePheloni,

KumaLevi u -Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.

Ezinye izindaba zikaSolomoni , ezokuqala nezokugcina , angithi zilotshiwe ezindabeni zikaNathani umprofethi, nasesiprofethweni sika-Ahiya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobowamu indodana kaNebati na?

Inkosi ayibalalelanga abantu , ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuNkulunkulu, ukuze uJehova amise izwi lakhe alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.

no-Ahiya, noHanani, no-Anani,