UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama -Amori phambi kwabantwana bakwa -Israyeli, wathi eb usweni babakwa-Israyeli: Langa, yima eGibeyoni, nawe nyanga, esigodini sase-Ajaloni.
neShahalabini, ne-Ajaloni, neJitila,
ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mine.
Kepha ama-Amori aphumelela ukuhlala entabeni yaseHeresi , nase-Ajaloni, naseShahalabimi; kodwa isandla sendlu kaJosefa sahlula, aze asetshenziswa.
U-Eloni wakwaZebuloni wafa, wembelwa e-Ajaloni ezweni lakwaZebuloni.
Babulala amaFilisti ngalolo suku kusukela eMikimashi kuze kube se-Ajaloni; abantu baphela amandla kakhulu.
ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo,
noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e -Ajaloni, abaxosha abakhe eGati;
neSora, ne-Ajaloni, neHebroni, ekwaJuda nakwaBenjamini , imizi ebiyelweyo.
NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda , athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.