Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni , weza kuwo ; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade. Umkhiwane wabuna khona lapho.
Wabona umkhiwane ukude , unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo ; esefikile kuwo akafumananga lutho , amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane.