Kodwa kubantwana bakwa -Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi , nezinceku zakhe , nezikhulu zakhe , nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.
Kepha kubantwana bakwa -Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila zomsebenzi wakhe , ngokuba babengamadoda empi , nabakhulu bezinduna zakhe, nezinduna zezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.