Kukhona oyedwa , kanaye owesibili , yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na? Nalokho kuyize nenhlupheko embi.
Usho kanje uJehova, uthi: Lobani lo muntu ukuthi akanamntwana, umuntu ongayikuba nampumelelo ezinsukwini zakhe , ngokuba umuntu ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide akayikuba nampumelelo yokuba abe esabusa kwaJuda.