UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u -Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo , kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.
UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe , uphumulile enhleseni yakhe , kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni ; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.