Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.
Kepha umuntu , nokuba enodumo , akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo.
Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami ; okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.
Obambe umnsalo akayikuma ; onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula, nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;