Skip to Content

"akhethiweyo"

5 occurrences in ZUL

Abantwana bakwaBenjamini abavela emizini babalwa ngalolo suku baba ngamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili n esithupha ahlome inkemba ngaphandle kwabakhileyo eGibeya ababalwa baba ngamakhulu ayisikhombisa, amadoda akhethiweyo.

Phakathi kwabo bonke labo bantu kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiweyo angamanxele; onke ayekwazi ukuphonsa amatshe ngisho nasonweleni, engageji.

U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu ; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.

Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e -Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo , uJuda o thiwa uBarsaba noSila , amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,

kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu,