Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki.
Ngani na? Ngokuba akubanga ngokukholwa kodwa kungathi ngemisebenzi; baqhuzuka etsheni lokuqhuzula,
nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo , kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,
futhi akubanga njengokwethemba kwethu kuphela , kepha bazinikela bon a uqobo kuqala eNkosini nakithi futhi ngentando kaNkulunkulu,
Ngokuba niyazi nina bazalwane ukuthi ukungena kwethu kinina akubanga yize.
Futhi ngalokho ukuth i akubanga ngaphandle kokufunga -- ngokuba labo kambe babekwa babe ngabapristi ngaphandle kokufunga,