ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngok ubongwa, nangegama, nangodumo, ube yisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho njengokusho kwakhe.
Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.