Skip to Content

"akuyikuwela"

5 occurrences in ZUL

Abantu bathi kuSawule: Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe , ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla. Abantu bamhlenga ukuba angafi. USawule uyalwa nezizwe eziningi

Wayesethi yena: Inkosi ake ikhumbule uJehova uNkulunkulu wayo ukuba umphindiseli wegazi angaqhubeki ukuchitha nokuba bangayibulali indodana yami. Yathi: Kuphila kukaJehova , akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwendodana yakho.

Wathi uSolomoni : Uma eyakuba yindoda enamandla , akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe , kepha uma okub i kufumaniseka kuye, uyakufa.

Qaphelani manje ukuthi akuyikuwela phansi lutho lwezwi likaJehova alikhulumayo uJehova ngendlu ka -Ahabi; uJehova wenzile lokho akukhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Eliya.

Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonk e abezizwe , njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo , kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.